News24

Idedelwe esibhedlela inkosana yamaNgisi

2012-08-20 14:01

London - Isigodlo iBuckingham sesikhiphe umbiko othi isidedelwe esibhedlela iNkosana yamaNgisi uMntwana uPhilip obelashelwa isifo esihlobene nesinye.

Inkosana eneminyaka egu-91 ubudala nengumyeni kaQueen Elizabeth II, yangeniswa esibhedlela ngoLwesithathu ngemuva kokuxineka.

Isigodlo sithi inkosana ibilaliswe e-Aberdeen Royal Infirmary, eScotland njengoba umndeni useholidini.

"Bese kungokwesithathu ukuthi uNkosana uPhilip alaliswe esibhedlela, esikhathini esiyizinyanga eziyisishiyagalombili. Ngenyanga kaJuni walaliswa esibhedlela exakwe yisifo esifanayo kanjalo nangenyanga kaDisemba."


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).