News24

Ingozi yebhasi ibulale 12 eBangladesh

2012-10-29 14:02

Dhaka -  Cishe bangu-12 abantu abashonile kwalimala abangu-35 eBangladesh ngoMsombuluko ngesikhathi ibhasi liphuma ebhulohweni maphakathi nesifunda iTangail, kusho amaphoyisa.

Abayisishagalolunye bashonele endaweni yesehlakalo, kusho okhulumela amaphoyisa uMizanur Rahman.

Abanye abathathu bashonele edleleni eya esibhedlela, kusho uRahman.

Ingozi idalwe ubudedengu bomshayeli.

Iningi labagibeli bangeniswe esibhedlela ngenxa yokulimala.



 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter