News24

Isavalelwe ingane eshise iQur'an

2012-09-03 14:01

Islamabad - Izoqhubeka nokuhlala ejele intombazanyana yasePakistan engumzalwane, esolwa ngokuthuka uNkulunkulu, lokhu kuza ngemuva kokuhlehla kokulalelwa kwesicelo sayo sebheyili.

Intombazane lena echazwe kuphela njengoRimsha, isihlale ejele isikhathi esevile emasontweni amabili, ibhekene necala lokushisa iBhayibheli labenkolo yamaSulumane iQur'an.

AbasePakistan bathatha lesi senzo njengokuthuka uNkulunkulu uqobo.

UJaji uMuhammad Azam Khan uhlehlise icala njengoba kuqhubeka isiteleka sabameli.

Le ntombazane ingumKhrestu.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).