News24

Isiphepho sidale umonakalo eParaguay

2012-09-20 07:23

Asuncion - Isiphepho esinamandla sibulale abantu abayisihlanu kwathi abangu-81 balimala eParaguay, kwacekeleka phansi izakhiwo nokudale ukuthi izinkulungwane zisale dengwane.

Njengoba umoya ohambisana nezimvula uqhubeka eParaguay, Argentina nase-Uruguay, imifula idla izindwani nokudale izikhukhula ezindaweni ezisogwini.

Uhulumeni wase-Uruguay ukhiphe isiphakamiso sokuthi kuvalwe izinxanxathela zezitolo namachweba ngenhloso yezokuphepha.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter