News24

Kubulawe isivakashi eCambodia

2013-02-11 10:01

Phnom Penh - Amaphoyisa aseCambodia asevule uphenyo mayelana nokutholakala kwesidumbu esinqunu sesivakashi sesifazane, 25, saseFrance, sintanta emanzini, kusho izikhulu ngoMsombuluko.

Isisulu sitholwe ngeSonto esifundazweni iKampot, ngemuva kosuku sigcine ukubonakala, kusho isikhulu samaphoyisa u-In Chiva etshela abe-AFP.

"Singaphetha ngokuthi siphenya icala lokubulala ngenxa yokuthi isidumbu besilinyazwe kanzima esiphongweni," esho, enezezela ngokuthi umufi ubelimele nasezingalweni.

Indlu yenxusa eFrance ikuqinisekisile ukuthi umndeni wesivakashi wazisiwe ngalokhu.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter