News24

Kufunwa ogwaze abantu kubungazwa uNcibijane

2013-01-01 12:01

Belgrade - Amaphoyisa athungatha isigilamkhuba esisolwa ngokugwaza abantu abayiskhombisa, ngesikhathi kuqhubeka imigubho kaNcibijane eBelgrade, eSerbia.

Okungenani abathathu kulaba, balimele kakhulu.

Lesi sehlakalo senzeke ngaphambi kancane kuhlukaniswe unyaka, eRepublic Square, la bekuhlangene khona abantu abaningi behambele ikhonsathi.



  – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).