News24

Kuhengwe owabulala eSaudi Arabia

2013-02-12 14:02

Ritadh - Owesilisa waseSaudi Arabia ushumpulwe ikhanda ngoLwesibili esifundeni i-Aseer ngemuva kokulahlwa yicala lokubulala, kusho uMnyango wezangaPhakathi.

UMohammed al-Qahtani wadubula wabulala uMueed al-Qahtani ngesikhathi kuqubuka ingxabano.

Ukuhengwa kwalo wesilisa kubeka ku-11 inani labantu asebenikezwe isigwebo sentambo eSaudi Arabia nonyaka.

Ngo-2012, leli lizwe lahenga abantu abangu-76, ngokombiko wezibalo ze-AFP.

Kodwa iHuman Rights Watch, nezinze eMelika ithi isibalo simi ku-69.

Ukudlwengula, ukubulala, ukugqekeza kuhlonyiwe, ukushushumbisa izidakamizwa ngamanye amacala anomvuzo wokufa eSaudi Arabia.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter