News24

Kulengiswe ababili eJapan

2013-04-26 12:00

Tokyo - IJapan isigwebe intambo abantu ababili abalahlwe ngamacala okubulala, ukulengiswa kwalaba kungokokuqala esikhathi esiyizinyanga ezimbili, kusho uMnyango wezobuLungiswa.

UKatsuji Hamasaki, 64, noYoshihide Miyagi, 56, balengiswe eTokyo, ngemuva kokulahlwa ngamacala okudubula babulale abaholi ababili esehlakalweni esenzeka endaweni yokudla ngonyaka ka-2005, kusho uMnyango.

"Leli bekuyicala elinesihluku kakhulu, laba babeka engcupheni izimpilo zabantu abaningi," kusho uNgqongqoshe woMnyango uSadakazu Tanigaki, ngesikhathi ekhuluma nabezindaba.

Ukulengiswa kwalaba kwenza babe yisihlanu abantu asebelengisiwe, kusukela uNdunankulu uShinzo Abe, athatha izintambo ngenyanga kaDisemba.

Ngonyaka ka-2012, iJapan yalengisa abantu abayisikhombisa, ngaphansi kukahulumeni kaNdunakulu uYoshihiko Noda.

Inhlangano i-Amnesty International Japan, ithi iyakugxeka kakhulu ukulengiswa kwabantu.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).