News24

Kulimale 12 kushayisana izitimela eTurkey

2012-04-18 10:25

Ankara - Inhlangano yezindaba engaphansi koMbuso iveze ukuthi iguzu lishayise isitimela esithwala abantu eTurkey esiteshini sesitimela esisenkabeni yaleliya lizwe, kwalimala abantu abangu-12.

I-Anadolu Agency ithe le ngozi yenzeke ngoLwesithathu edolobheni i-Ulukisla esifundazweni iNigde ngesikhathi iguzu lishaya indiva imiyalelo yokuthi lime.

Ithe kulimale abasebenzi nabagibeli kodwa akekho olimale kabi.

ITurkey izama ukuphucula uhlelo lwezitimela, nokuthiwa alusebenzi ngendlela egculisayo.

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter