News24

Kulimale 89 echwebeni eSingapore

2012-12-04 07:25

Singapore - Izikhulu zithi kulimale abasebenzi abangu-89, abanye babo kabi, ngesikhathi kwehla ingozi echwebeni lemikhumbi eSingapore, ngokusho kombiko.

UMnyango wezabaSebenzi uthi le ngozi yenzeke ngoMsombuluko lapho kwakhiwa khona indawo yokumoma uwoyela, neyakhiwa yiJurong Shipyard.

Okhulumela leli chweba uthe kube nenkinga yokusebenza kwemishini kwase kulimala abasebenzi.

Abalimele bahanjiswe ezibhedlela, abathathu basesimweni esibucayi.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter