News24

Kuphahlazeke indiza yeNato e-Afghanistan

2011-07-07 15:08

Kabul - INato ithi indiza ebithwele amasosha aseMelika iphahlazeke empumalanga ne-Afghanistan kodwa akulimalanga muntu.

Lo mbutho uthi lesi sigameko senzeke ngoLwesine esifundazweni iParwan.

INato ithi kuyaphenywa ngembangela yale ngozi.

Inhlangano yamaphekulazikhuni iTaliban ithi amalungu ayo adubule le ndiza kodwa lo mbutho uyakuphika lokhu.