News24

Kusatshelwa izikhukhula eFlorida

2012-06-26 07:28

Miami - Isiphepho iDebby sihlasele izingxenye zeFlorida ngezimvula ezinamandla ngoMsombuluko ebusuku, nokuvuse ukwesabela izikhukhula nesishingishane ngasogwini iGulf of Mexico.

Umphathi weFlorida uRick Scott uhlongoze isimo esibucayi njengoba kuphinde kwaxwayiswa ngesinye isiphepho.

“Ngenxa yobubanzi bomonakalo osalwe yisiphepho iTropical Storm Debby, wonke amadolobha aseFlorida angase athinteke,” kusho uScott esitatimendeni.

“Eminye imiphakathi ihaqwe yizikhukhula kumanje, kwacekeleka phansi izintambo zikagesi," kusho uScott.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter