News24

Kushone 10 eYemen

2013-02-07 14:05

Sanaa - Ukuqhuma ngephutha kwebhomu lapho kugcinwa khona izikhali enkambini yamasosha kubulale izakhamuzi ezingu-10 esifundazweni iHaja, eYemen, kusho izikhulu zezokuvikela nabazibonele.

"Lokhu kuqhuma kwenzeke ngoLwesine ekuseni enkambini yamasosha e-Abs, ngaseRed Sea," kusho isikhulu sinezezela ngokuthi kukhona nezingane ezimbili kulaba abashonile.

Abazibonele bathi lokhu kuqhuma kuze kwacekela phansi imizi eyisihlanu.

Ngo-Okthoba, kwashona amasosha ayisithupha esigamekweni esifanayo edolobheni i-Aden.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter