News24

Kushone 10 kucwila isikebhe eMalaysia

2012-12-20 10:11

Kuala Lumpur - Abantu base-Indonesia abeqe umngcele ngokungemthetho, okubalwa nabesifazane ababili abebezithwele, bagwilizile ngesikhathi kucwila isikebhe sabo ogwini oluseMalaysia, kusho izikhulu zezasemanzini ngoLwesine.

Kutholakale izidumbu zabesilisa abahlanu nabesifazane, kusho isikhulu samaphoyisa asemanzini uMohammad Muhi etshela i-AFP.

Kuthiwa laba bebebuyela e-Indonesia besuka eMalaysia.

UMohammad uthi bathungatha abanye abantu njengoba kungenzeka ukuthi isikebhe lesi besithwele abantu abacela ku-35.

"Sithole izidumbu eziyishumi, siyaqhubeka nokusesha ogwini," esho.


 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter