News24

Kushone 16 kuqhuma imayini e-Ukraine

2011-07-29 07:09

Kiev - UMnyango weziPhuthumayo e-Ukraine uthi kushone abavukuzi abangu-16 ngesikhathi kuqhuma okuthile emayini esempumalanga naleliya lizwe.

Kulesi sigameko kulimale abavukuzi ababili kanti abangu-10 banyamalele, kusho lo Mnyango.

Lesi sihlekalo senzeke ngezithuba zawu-2 ezintatha ngoLwesihlanu.

Abaphenyi basazama ukuthola imbangela yalokhu.

Izimayini zamalahle zase-Ukraine ziphakathi kwezinye eziyingozi emhlabeni jikelele ngenxa yezinsiza kusebenza eseziphelelwe yisikhathi.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter.