News24

Kushone 17 engozini yebhasi eChina

2012-06-20 16:22

Johannesburg - Abantu abangu- 17 bashonile kwathi abangu-28 balimala ngesikhathi kwenzeka ingozi yebhasi emgwaqeni yaseChina ngoLwesithathu, kusho amaphoyisa.

Ibhasi ebelithwele abantu liginqikile njengoba bekuhlasele izimvula ezinamandla edolobheni i Xiapu, kusho umthombo wezindaba i Xinhua.

Abantu abathathu bangeniswe esibhedlela belimele kambi.


 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).