News24

Kushone 18 kunyathelwana eNdiya

2012-11-20 07:23

New Delhi - Kushone abantu abangu-18, abayishumi kubona yizingane, ngesikhathi kuqubuka isiphithiphithi begxobana ngezinyawo emcimbini wamaHindu, eBihar, eNdiya, kusho abezindaba.

Lesi sibhicongo senzeke osebeni lomfula iGanges, ePatna ngesikhathi abenkolo yamaHindu besendleleni ebuyayo ngemuva komkhululeko weChhath Festival, ngokusho kwe-IANS News Agency.

Kuwe ibhuloho lokuzenzela, nokudale isiphithiphithi, kusho amaphoyisa.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter