News24

Kushone 2 kusha ikhaya labadala eFrance

2011-11-18 08:33

Bordeaux - Kushone abantu ababili kwathi abangu-12 balimala ngesikhathi kuqubuka umlilo ekhaya labadala eLa Rochefoucauld, esifundeni iCharente eningizimu ntshonalanga neFrance, kusho izikhulu.

Lo mlilo ubhebhetheleke kuyona yonke indawo ubulala izaguga ezimbili kwezingu-81 ezihlala kulesi sikhungo.

Abantu abangu-12 bayiswe esibhedlela, kusho izikhulu.

Imbangela yalo mlilo ayaziwa okwamanje.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter