News24

Kushone 2 kushayisana 140 wezimoto

2012-11-23 07:23

Texas  - Kushone abantu ababili kwathi abangaphezu kuka-80 balimala ngesikhathi kushayisana izimoto ezingu-140 emgwaqeni omkhulu eTexas, kusho izikhulu.

“Bekuyingozi enyathisa igazi,” kusho oweJefferson County Sheriff uRod Carroll. “Ezinye izimoto bezigibele phezu kwezinye.”

Le ngozi eyenzeke ngeholidi leThanksgiving yenzeke e-Interstate 10.

UCarroll uthe babalelwa ko-90 abantu abangeniswe ezibhedlela, kanti ababalelwa ku-10 kubona bebesesimweni esibucayi.

Kusolwa inkungu ebikhasa phansi ngale nhlekelele.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter