News24

Kushone 28 emcimbini eSaudi Arabia

2012-10-31 12:30

Riyadh - Kushone okungenani abantu abangu-28 kwathi abangu-37 balimala ngesikhathi kuqubuka umlilo emcimbini womshado eSaudi Arabia, edolobheni i-Abqaiq, kusho isikhulu sezokuphepha ngoLwesithathu.

Umlilo lo wangoLwesibili ebusuku ususwe yikhebuli likagesi ebelinenkinga, kunezezela uGeneral Abdullah Khushaiman.

Abazibonele bathi le ntambo kagesi igqashulwe ukudubula emoyeni ngesikhathi kubhiyozwa.

Kwashona abantu abangu-72 eSaudi Arabia ngo-1999 ngesikhathi umlilo wokhela itende lapho kwakubanjelwe khona umshado.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter