News24

Kushone 3 kuqhuma ibhomu e-Afghan

2012-12-26 08:21

Kabul - Imoto ebiqukethe iziqhumane ishayelwa yidelakufa iqhume kwashona abantu abathathu base-Afghanistan kwathi abayisikhombisa balimala, kusho izikhulu ngoLwesithathu.

Okhulumela uMnyango wezangaPhakathi e-Afghan uSediq Sediqqi uthe lokhu kuhlasela kwenzeke eForward Operating Base Chapman eKhost.

"Kushone abantu abathathu base-Afghan kwathi abayisikhombisa balimala," kusho uMajor Martin O'Donnell, okhulumela i-International Security Assistance Force (ISAF), nengaphansi kweNATO.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter