News24

Kushone 43 kuqhuma imayini ePakistan

2011-03-22 10:33

Quetta - Izikhulu zithi bashone bonke abavukuzi emayini yamalahle eningizimu nthsonalanga nePakistan ngesikhathi iqhuma ngempelasonto, njengoba abatakuli sebewuphothulile umsebenzi.

"Zonke izidumbu ezingu-43 sezitholakele," kusho isikhulu sezimayini u-Iftikhar Ahmed esifundazweni saseBaluchistan.

"Abekho abasindile kanti imayini isivaliwe" kusho u-Ahmed.