News24

Kushone 5 iMelika ihlasela ePakistan

2012-10-10 10:03

Islamabad - Ukuhlasela obekuhlelwe ngabaseMelika, kubulale abantu abahlanu basePakistan, ababulawe bengasemngceleni ongenela e-Afghanistan, ngoLwesithathu.

Kuthiwa indiza ebisemoyeni, yiyo ehlasele ngaseMiranshah, okuyidolobha elikhulu esifundeni iWaziristan, ukuhlasela kwenzeke entathakusa.

Okwamanje abakahlonzwa laba abashonile, kusho izikhulu.

Lokhu kungukuhlasela kokuqala kusukela umholi weqembu eliphikisayo u-Imran Khan, ehole umbhikisho wokuhlasela kweMelika, umbhikisho ububanjwe ngesonto eledlule.



 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).