News24

Kushone 5 kuhlasela iTsunami

2013-02-06 12:01

Honiara - Ukuzamazama komhlaba okungu-8.0 magnitude kuhlasele esiqhingini iSolomon Islands ngoLwesithathu, kwaba ne-tsunami engatheni.

Kulesi sehlakalo kushone abantu abahlanu kwathi imizi eminingi yacekeleka phansi.

Itsunami lena ihlasele eSolomons, iseVanuatu kanjalo naseNew Caledonia.

"EFiji kube nesiphithiphithi abantu bezama ukubaleka i-tsunami emgwaqeni iSuva," kusho isakhamuzi esibhale kuTweeter uRatu Nemani Tebana.

EJapan kwahlasela i-tsunami ngoMashi ka-2011, kwashona abantu abangaphezu kuka-19 000.

AbePacific Tsunami Warning Center bahlehlise ukuxwayisa ngale-tsunami, kwathi emuva kwamahora amabili behlehlisile, yase ihlasela.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).