News24

Kushone 8 kuqubuka umlilo ePhilippines

2012-12-25 12:01

Manila - Izikhulu ePhilippines zithi kushone okungenani abantu abayisishiyagalombili ngemuva kokuqubuka komlilo ezindaweni ezimbili ezehlukene ngoKhisimusi.

Kwesinye isigameko kusale abantu abangu-1 200 bedinga ngesikhathi kusha imijondolo.

Umphenyi uRosendo Cabillan uthe umlilo wasezintatha ngoLwesibili ucekele phansi amabhilidi amabili eQuezon City, endaweni yabadla izambane likaPondo eManila.

Kube sekushona abantu abayisikhombisa.

Owezomlilo uNoel Binwag uthe umphakathi waseSan Juan city utitinye indoda yaze yashona, nobuyisola ngokuqala umlilo.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter