News24

Kushone 9 ushayiswa yisitimela eChina

2012-08-03 12:02

Beijing - Izikhulu zaseChina zithi kushone abantu abayisishiyagalolunye kwathi abane balimala ngesikhathi beshayiswa yisitimela esithwala impahla behamba kujantshi eQinhuangdao.

AbeTaiyuan Railway Bureau eHebei bathe ku-website yabo laba abashonile bangabahlali bendawo.

Ithi bahambe kuleli bhuloho lesitimela ngenxa yokuthi izimvula zakamuva zigugule umgwaqo wendawo.

Kuthiwa isitimela sihlulekile ukuma ngesikhathi.

 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter