News24

Kushone ababili kuhlaselwa e-Indonesia

2012-11-27 07:21

Jakarta - Oshayasibhamu bahlasele isiteshi samaphoyisa ngoLwesibili esifundazweni iPapua, e-Indonesia kwashona amaphoyisa amabili, ngokombiko we-Antara News Agency, nengaphansi koMbuso.

Isikhulu samaphoyisa kuleya ndawo naso ngesinye sababulewe kulokhu kuhlasela okwenzeke esifundeni iPirime, kusho okhulumela amaphoyisa uGede Sumerta.

IPapua, nengesinye sezifundazwe ezidonsa kanzima e-Indonesia, seyibe yinkundla yokuhlasela okwenziwa yizigilamkhuba.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter