News24

Kushone abantu kuguguleka umhlabathi

2013-02-18 07:09

Jakarta - Kudlule nemiphifumulo yabantu abayisishiyagalolunye ukuguguleka komhlabathi okudalwe yizimvula ezihlasele enhla ne-Indonesia, kwathi abanye abangamakhulu babaleka bashiya amakhaya abo.

Isikhulu sezezinhlekelele uSutopo Purwo Nugroho uthi kuwe udaka namatshe kwehlele emizini yabantu kusuka egqumeni esifundeni iManado, kwase kushona abantu.

Imizi elinganiselwa ku-1 000 igcwale amanzi kwatakulwa izidumbu eziyisishiyagalolunye.

Abatakuli bayaqhubeka nokuzama ukucinga ezinye izidumbu ekungenzeka ukuthi zigqibeke odakeni.



 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).