News24

Kushone indoda kuhlasela izikhukhula

2012-11-23 12:04

London - Kushone umlisa ngesikhathi kuhlasela izimvula ezinamandla eningizimu-ntshonalanga namaphakathi neNgilandi, zaphazamisa ezokuthutha, kusho iziphathimandla ngoLwesihlanu.

Owesilisa lo oshonile uvaleleke emotweni yakhe ebigcwele amanzi eSomerset ntambama ngoLwesine, kusho amaphoyisa.

Izinhlangano zezokuthutha zixwayise abashayeli ukuba banganqamuli lapho kugcwele khona amanzi, nokuthi bahlale bekulindele ukuthi imigwaqo ingavalwa.

Izindawo zaseDevon naseDorset yizona ezikhahlamezeke kakhulu.

Kusalindeleke ezinye izimvula ezinamandla ezihambisana nemimoya ezinsukwini ezizayo.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter