News24

Kushone okungenani 82 eSyria

2013-01-16 10:00

Damascus - Ukuhlasela emoyeni kucekele phansi amabhilidi amabili enyuvesi e-Aleppo eSyria kwashona okungenani abantu abangu-82 kwalimala inqwaba enye, njengoba abafundi bebhala izivivinyo.

Amasosha oMbuso namavukelambuso adlala inkombankombane ngalokhu kufa kwabantu.

"Okwamanje zingu-82 izidumbu ezitholakele kanti kulimele abantu abangu-160 e-University of Aleppo," kusho isikhulu uMohammed Wahid Akkad etshela abe-AFP ngocingo.

Inhlangano elwela amalungelo abantu ezinze eBrithani, iSyrian Observatory for Human Rights, ithe bangu-83 abantu abashonile kwathi abangu-150 balimala.

 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter