News24

Kuvundululwe amathambo kaHess

2011-07-21 13:13

Berlin - Kuvundululwe izinsalela zamathambo kalowo owayeyiphini lika-Adolf Hitler, uRudolf Hess, ethuneni elisedolobheni iBavarain.

Izikhulu zamathuna aseWunsiedel zitshele iThe Associated Press ngoLwesine ukuthi la mathambo avundululwe ngoLwesithathu.

U-Andreas Fabel uthe la mathambo azoshiswa kuthi umlotha wawo usakazwe echibini elingadalulwanga.

UHess waboshwa ngo-1941 esendleleni eya ezingxoxweni zokuthula phakathi kweGermany neBrithani.

Wazilengisa eseneminyaka engu-93 ubudala esejele eliseSpandau.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter.