News24

Kwamsiza ukuthembeka owasemgwaqeni

2013-02-28 07:25

Kansas City - Owesilisa obehlala emgwaqeni eKansas City uzakhele ugazi ngesikhathi enquma ukubuyisela indandatho yedayimane eyawela enkomishini acela ngayo ngephutha.

Abantu abangawuvali umlomo ngokuthembeka kwakhe sebemnikelele ngemali ebalelwa ku-$167 000.

UBilly Ray Harris, wathola le ndandatho ebiza imali eshisiwe, phakathi kwemali ayiphonselwa ngowesifazane ngasekuqaleni kwale nyanga.

Isinqumo sikaHarris sokugcina le ndandatho kuze kube uSarah Darling, uyabuya azoyifuna, kumakhele udumo nokukhulu ukuthandwa emhlabeni wonke.

“Kuyinto eyenzeke ngempela esimangazayo nathi,” kusho umyeni kaDarling, uBill Krejci.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Comments
  • Apostle Njabulo Mdu Hlophe - 2013-02-28 07:57

    Siyabonga kuThixo ukuthi impela isekhona insali yabantu abathembekile noma umhlaba ungaba mubi kanjani.Ngiyayathandaza ukuthi nabanye abantu bafunde kulendoda.Thumbs up !!!

  • Jabulile MaVilakazi Khumalo - 2013-02-28 08:19

    lolu uphawu olukhombisa ukuthi ngisho noma ngabe awunalutho oluyingcebo ethengwangemali kodwa kukhona ingcebo yokuthembeka yobuntu ongeke wayithenga ngemali into onayo kuwe nokholelwa kuyo. ngathi inkosi ingasandisela abantu abanje ngo Billy Ray Harris.

  • pages:
  • 1