News24

OwaseSingapore unikele ngo-$780 000 eJapan

2011-03-17 06:54

Singapore - Owesifazane waseSingapore unikele ngo-$780 000, nokuyimali ephindwe kabili kunaleyo enikelwe uhulumeni wezwe lakhe, ukusiza mayelana nezinhlekelele zangesonto eledlule, kubika abezindaba zakuleliya lizwe ngoLwesine.

Leli sheke elivela ku-Elaine Low linikezelwe kulowo oyisithunywa saseJapan eSingapore, uYoichi Sizuki, ngoLwesithathu.

ULow, noqhamuka emndenini onebhizinisi lezimayini elizinze e-Indonesia, nelisebenzisana kakhulu neJapan, uthe ubefuna ukufaka itshe esivivaneni ukusiza labo abaswele kulandela ukuzamazama komhlaba netsunami okushiye izigidi zabantu zidinga.