News24

Sekushone inqwaba eSyria

2013-01-03 10:59

Geneva - Bangaphezu kuka-60 000 abantu asebebulewe eSyria, kusukela kwaqala izimpi zokuzama ukuchitha uMengameli uBashar Assad, kusho isikhulu ku-United nations.

Izmpi zaqala ngoMashi ngo2011.

UNavi Pillay, oyi-UN High Commissioner for Human Rights, uthi izibalo ezikhathazayo zithi bangu-59 648 abantu abakade sebeshonile ngoNovemba.

"Sikholwa wukuthi lesi sibalo sesikhulile kusukela ngoNovemba, sikholwa wukuthi sebengaphezu kuka-60 000 abashonile. Bakhona nabashone njengoba kuqale unyaka ka-2013," kusho isitatimende sikaPillay.
 



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).