News24

UNetanyahu ubonge elaseGermany

2011-10-12 16:40

Berlin – UNdunankulu wase-Israel, uBenjamin Netanyahu ubonge izwe laseGermany emuva kokudedelwa kukaGilad Shalit yiHamas ngoLwesithathu.

Kodwa, impendulo ebiphuma eGermany ibithulile.

"Okubalulekile kuthina ukuthi uGilat Shalit athole inkululeko ngokushesha," kusho okhulumela umnyango wezangaphandle ngoLwesithathu.

"Angeke ngikwazi ukukhuluma ngokunye," ushilo.

NgoLwesithathu, i-Srael ivume ukudedela iziboshwa ezicishe zifike ku-1 000 uma iHamas idedela ishosha labo, uShalit.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Comments
  • sphamandla - 2011-10-15 23:06

    kwenzenjani ngo netanyahu,walunga kuleyinsuku?waqala ngokuxoxisanana baze bavumelana ngokukhululwa kweziboshwa ne hamas(into akade ayelwisana nayo),walandela ngokubonga abaphathi abasha basegibhithe(wayengavumelani nokuketulwa kwa mubarak),uyakuzwa ukushisa ngesenzo sabantu base palestine sokuya e-un nokuthi labaholi abasha asebaphethe emva kwe arab spring bayazwelana nesimo sabantu base palestine futhi abanankinga nokukhulumisana ne hamas ne hezbollah ngoba izinhlangano zentando yeningi kanti yena u netanyahu akazwani nalezinhlangano.
    phela akusizi ukuba yisithandwa se america ibe ikude kangaka kunawe.

  • pages:
  • 1