News24

Ubangwa nezibi obhunyelwe nge-acid

2012-10-12 10:03

Sydney - Usesimweni esibucayi e-Australia umfundi waseChina ofunda enyuvesi ngemuva kokuthi esinye isitshudeni simbhunyele nge-acid ebusweni sase simshaya ngesando.

Amaphoyisa athi indoda, 26, isolwa ngokuhlasela lowo efunda naye, 25, e-laboratory yase-University of New South Wales, eSydney ngoLwesine.

"Kusolakala ukuthi omunye wabafundi ubhunyele omunye ngekhemikhali eyingozi wase emshaya ngesando ngesikhathi kuqubuka ingxabano," kusho amaphoyisa esitatimendeni.

Bobabili laba bangabokudabuka eChina, kanti bafunda kule nyuvesi.



 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter