News24

Uboshiwe ogwinye idayimane

2012-09-05 16:12

Sri Lanka - Umlisa mumbe ongowokudabula eChina, usekhalelwe ngamasongo kaSigonyela kulandela ukuthi agwinye idayimane ebekubukiswa ngalo embukisweni kazwelonke oqhubeka eSri Lanka.

Umsolwa kuthiwa ubebuka lelidayimane elibiza inani elingu-14 000 dollas, uthe esuka wabe eligwinya.

Umnikazi wedayimane ube esevalela le ndoda walinda amaphoyisa abe esefika eyibopha.

Umsolwa uphuthunyiswe esibhedlela wafike waphuziswa amaphilisi okuhlambulula isisu ama-laxatives, ube esekhipha ngemuva leli dayimane.
 



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).