News24

Ukubihlika komhlaba kubulale 7 eRussia

2012-10-10 12:01

Moscow - Ukubihlika kwenhlabathi okudalwe yizimvula ezinamandla kushiye kufe abantu abayisikhombisa esifundeni saseCaucasus, eRussia, kusho ihhovisi lezimo eziphuthumayo ngoLwesithathu.

Amanzi aphoqelele ukuba abantu abangaphezu kuka-1 200 bashiye amakhaya abo edolobheni iDerbent kanye nasesigodini iSabnov, okuyindawo engamakhilomitha angu- 1 700 ukusuka eningizimu yenhlokodolobha iMoscow.

Izikhukhula edolobheni iKrymsk khona eCaucasus zabulala cishe abantu abangu-144 ngoJulayi.

Abaphenyi bagxeka izimvula ezinamandla kanye nokuhlulela kwezikhulu ukuxwayisa abantu ngesikhathi ngalokhu.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter