News24

Ukuhlasela kubulale 16 eSyria

2012-12-13 14:01

Beirut - Inhlangano yezindaba engaphansi koMbuso eSyria ithi ibhomu eliqhume ngaseDamascus libulale abantu abangu-16, kanti ingxenye yabo bekungabesifazane nezingane.

I-SANA News Agency ithi imoto ebihlohlwe iziqhumane iqhume ngoLwesine ngasesikoleni endaweni yabadla izambane likaPondo eQatana.

Lo mbiko ucaphuna abezempilo bethi kushone abantu abangu-16, okubalwa izingane eziyisikhombisa "nabesifazane abaningi".

Kuthiwa kulimale okungenani abantu abangu-24.

Izishoshovu ezimelene nohulumeni zithi sekushone abantu abangaphezu kuka-40 00 kusukela kwavukelwa uMbuso kaMengameli Bashar Assad ngoMashi 2011.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter