News24

Ukukhathazeka ngokunyuka kwe-HIV e-Australia

2012-10-17 07:21

Sydney - Ucwaningo lutshengise ukuthi izinga labantu abanesandulela ngculazi linyuke ngo-8% ngonyaka odlule, lagxuma laya ku-50% kule minyaka eyishumi esidlulile, kusho izishoshovu zezempilo nezithi lolu daba ludinga ukusukunyelwa.

Umbiko waminyaka yonke nge-HIV, i-hepatitis nezifo ezisulelana ngokocansi e-Australia utshengise ukuthi zingu-1 137 izigameko ezintsha ezibikwe ngo-2011 -- nokungukunyuka ngo-8.2% kusuka ku-2010.

I-University of New South Wales, nekuyiyona eqoqa izibalo ithe lokhu kunyuke ngengxenye kule minyaka eyishumi eyedlule.

UDavid Wilson, noyisikhulu seKirby Institute, nguye odalule lokhu.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter