News24

Uphele ngezinyembezi umcimbi eNdiya

2013-02-11 07:20

Allahabad - Kushone okungenani abantu abangu-18 ngesikhathi kusuka isidumo bagxobana ngezinyawo e-Allahabad, eNdiya, njengoba abenkolo yamaHindu bebebuya emfuleni lapho bekunomcimbi wezenkolo khona.

Ukugcwala ngokweqile esiteshini sesitimela kuwise ibhuloho lezinyawo, nokudale ukuthi abantu batatazele banyathelane, kusho isikhulu sikahulumeni, sacela ukungagagulwa ngegama.

“Ngingaqinisekisa ukuthi kushone abantu abangu-18 kwathi abangu-13 bathola ukulimala,” kusho isikhulu.

Njalo ngemuva kweminyaka engu-12, izigidi zabantu abangamaHindu zibuthelana e-Allahabad ukuyogubha iMaha Kumbh Mela, noma iGrand Pitcher Festival.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter