News24

Ushone eshadisa umfundisi

2012-09-25 16:25

Berlin - Izikhulu zebandla iRoman Catholic eJalimane sezikhiphe isitatimende esichazayo ngokushona komfundisi oshone eshadisa.

Iphephandaba iMunich's Merkur libike lathi umfundisi, 47, ubekhuleka esontweni iSt. Lambert, ngoMgqibelo ngesikhathi ewa ngobuso, ewela phansi.

Abantu ekade behambele umshado bazame ukumnika usizo lokuqala, ngesikhathi abanye bethiphazisa abashadikazi.

Kuqinisekiswe ukuthi umfundisi ubulawe yisifo senhliziyo, umshado ube usuqhubeka esontweni elingumakhelwane.



 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Comments
  • 2zbunu - 2012-09-26 08:44

    Yho it must be the never blessed wedding this 1.

  • pages:
  • 1