News24

Ushonile obephethwe umkhuhlane wezinyoni

2013-12-18 13:27

Shangai – Udlulile emhlabeni owesifazane oneminyaka engu-73 ubudala ohlaselwe wumkhuhlane ophatha izinyoni nobekungokokuqala ukuthi utholakala egazini lo muntu, kusho uMnyango wezeMpilo eChina.

Umufi uthathwe yi-H10N8, kanti uMnyango unokwesabela ukuthi igciwane lizosabalala, lingene nakwabanye abantu.

Umkhuhlane i-H7N9, usuke wabikwa eHong Kong naseTaiwan kanti balinganiselwa ku-45 asebedlule nawo.

Oshonile ngowasedolobheni iNanchang, wayengiswe esibhedlela mhlaka-30 Novemba.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).