News24

Ushumpulwe ikhanda umshushumbisi

2012-07-04 12:04

Riyagh - Ubuholi baseSaudi Arabia bubulale ngokushumpula ikhanda indoda etholakale inecala lokushushumbisa izidakamizwa, kusho ungqongqoshe kuhulumeni, etshela abezindaba.

U-Ali al-Muzayyan ubulawe enhla nesifunda iJawf, ngemuva kokutholakala enecala lokushushumbisa amaphilisi i-amphetamine, kusho isitatimende sabaphathi.

Ukubulawa kwalona kwenze safinyelele ku-48 isibalo sabantu ababulawe ngalolu hlobo eSaudi Arabia, kusukela kuqale unyaka.

Inhlangano yamalungelo i-Amnesty International ithi okungenani bangu-79 abantu ababulawa ngonyaka odlule.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).