News24

Uyaliphika elokubulala owavuka umbhejazane

2012-05-01 08:13

Oakland - Owesilisa waseKorea onobuzwe baseMelika owayengunesi uwaphikile amacala okubulala abantu abayisikhombisa ngesikhathi evuka umbhejazane ekolishi lezenkolo eCalifornia.

U-One Goh, 43 -- nosedube ukudla amasonto -- wabekwa amacala ayisikhombisa okubulala namathathu okuzama ukubulala ngesigameko sango-Ephreli 2 e-Oikos University, nokuyisikole esincane samaKhrestu e-Oakland.

Abezomthetho bathi lo wesilisa wavuka inj' ebomvu ngesikhathi isikole sinqaba ukumbuyisela imali yakhe.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter