
INDLU yesonto i-Agnes B Hildebrand Chapel AME Church eMabopane, ePitoli, igcwele iyanyinyitheka.
Kube yisibusiso ukuphenya kwezu- lu ebelisolisa sengathi lizoyidliva.
Umuntu omaziyo uTshepo Maseko nengoduso yakhe uMasego Morapedi ubezokutshela kodwa ukuthi ngisho nalokho bekungeke kufake ugcobo osu-kwini lwabo.
Isiyishumi iminyaka lulindelwe lolu suku selokhu uTshepo (39) ashaya phansi ngedolo wacela umshado.
Namhlanje elamanqamu.