Ligqabukile igoda kokasaziwayo

accreditation

Izibi zendlu azikhishelwa emnyango. Bekubukeka sengathi umshado wabo uyisibonelo semishado ezinzile eMzansi, bebengamathe nolimi yize besebeneminyaka eyi-11 bendawonye.

Kodwa ngeshwa le ndlovukazi yesoapie, uWinnie Modise nomyeni wakhe uThabo babengadalelwene.

Kukhona okunuka santungwana emshadweni wabo, uThabo ongumyeni ungumthwebuli wezithombe obezifela ngesingqazu sikankosikazi wakhe ongumlingisikazi onethalente kodwa kunjengoba uWinnie esho, “Yimina kuphela engizwa ukushisa kulo mendo.”

UWinnie (37) ubengafani nasemihleni, ubenyukubele nosizi belubhalwe emehlweni.

Besihlezi ehhovisi leGenerations, ezungezwe ngamakhava amahle amaphephabhuku nezithombe zezihlabani ezijabule nezimamathekayo kodwa lokho akanakho uWinnie.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For 14 free days, you can have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today. Thereafter you will be billed R75 per month. You can cancel anytime and if you cancel within 14 days you won't be billed. 
Subscribe to News24