
UYvonne Chaka Chaka watheleka kwezomculo ngowe-1985 nethalente lakhe lokushukumisa lo mkhakha, wayengangabazeki ukuthi ushisa izikhotha ngama-80.
Kuwo lowo nyaka i-albhamu yakhe yokuqala eyayithi “I’m in Love with a DJ” yadayisa amakhophi ayizi-35 000 neyambeka ebalazweni lomhlaba njengomculi ovelele iminyaka eyishumi.
Eminya- keni eyalandela iziteshi zomsakazo zazeMzansi zazidlala izingoma zakhe kanti abantu bagcina sebemqambe “ngePrincess of Africa”.
Kodwa sezadlula lezo nsuku, njengoba iziteshi zomsakazo sezidlala kakhulu umculo waphesheya esikhundleni sowaseMzansi.
Namhlanje, sihleli nomzwilili waseDonsonville ekhaya lakhe eliseNyakatho yeGoli, uYvonne usekhuluma okunye.