
Udilika emotweni yakhe kanokusho iMercedes Benz ngokuzethemba.
Kuyabonakala ukuthi ungowesimame osezingeni eliphezulu ofana nalaba abavame ukuvela nasohlelweni lwe-TV olubizwa ngokuthi, iReal Wives of Beverly Hills.
Lona owesifazane ohloniphekile ungena esitolo esiphambili semfashini esikunombolo-10 Bompass eDunkeld, eNyakatho neGoli.
Ngisho nonogada bayibuka le ntokazi baze bajike nayo baphangelana ngokuyibingelela no- kuyixhawula.
Akukholakali ukuthi lo phumalanga sikothe oza kithi nguye lona othanda ukubukwa. U-Andile Carelese uneminyaka engama-39.