
UMNDENI wowesifazane okutholakale isidumbu sakhe sidindilize eduze komfula eHambanathi usola amaphoyisa ngokwenzelela ngemuva kokudedelwa kowesilisa osolwa ngokubulala indodakazi yawo.
Isidumbu sika Nksz Zandile Sibiya(30) satholakala ngaphandle kwakagogo wakhe eHambanathi ngemuva kokuduka ekhaya ngoMgqibelo mhlaka-13 kuNcwaba (August.)
Umndeni kamufi namalungu omphakathi bathukuthele bayaveva bafuna amaphoyisa asoThongathi achaze kabanzi ngokudedelwa kowesilisa osolwa ngokuba nesandla ekufeni kuka Nksz Sibiya.
Ngokusho komndeni kamufi,uNksz Sibiya waphuma ekhaya ntambama ngoMgqibelo evakashele ingane yakhe ehlala khona oThongathi wangabuya kwaze kwaba yiSonto mhla ka-14 kuAugust.
Udadewabo kamufi uNksz Nokwazi Mhlane, utshele leliphephandaba ukuthi bathole umbiko ngeSonto ekuseni ukuthi isidumbu sikadadewabo sidindilize eduze komfula.
Uthe: “Sithe uma sifika emfuleni ngaphandle kwaka gogo sabona isidumbu sowesifazane, ikhanda laso lilengela emanzini futhi engagqokile kwesingezansi. Sethuke kakhulu uma sithola ukuthi yisidumbu sikadadewethu. Emlonyeni ubefakwe indwangu ibhulukwe lakhe lintshingwe ngezansi komfula. Lokhu kwenza sisole ukuthi umuntu owambulala waqala wamfaka indwangu emlonyeni ngaphambi kokuba amdlwengule. Siphatheke kabi kakhulu njengoba nomsolwa asededeliwe.
“Amaphoyisa awazange asazise ngokuqhubekayo kulelicala. Sizwe sesitshelwa ngabantu ukuthi umsolwa udedeliwe. Asazi sizohlala kanjani ngoba sesisabela nezimpilo zethu,’’ kusho yena.
Lona wesilisa igama lakhe eligodliwe kusolakala ukuthi wake wathandana nomufi.
“Kufike umfana [Umsolwa] owayethandana nodadewethu wathumela omunye oyilungu lomndeni ukuthi ambizele udadewethu. Kusididile lokho ngoba besicabanga ukuthi abasathandani futhi besike sithole imibiko yokuthi lelisoka lakhe belimshaya limthathe ngenkani.Uhambile wangabuya kwaze kwaba yiSonto ekuseni,” kuqhuba uNksz Mhlane.
Lesigameko sishiye omakhelwane bethukile njengoba bethi izigameko ezifuze lezi azivamisile endaweni.
UNkk Zanele Sithole ongumakhelwane, uthe indlela okubulawe ngayo uNksz Sibiya iyethusa kakhulu.
“Bengihlezi endlini ngase ngizwa umuntu ethi phuthumani. Ngibe sengiphuma ngiyobheka ukuthi kwenzekani,”echaza.
Uqhube wathi ngesikhathi efika eduze komfula uzithele phezu kwesidumbu sikamufi silele ngohlangothi ikhanda ligebele emanzini.
“Ngethukile kakhulu ngesikhathi ngifika. Indlela abelele ngayo bekungelula ukuthi asheshe abonakale ngoba ikhanda belisemanzini kwesingezansi engagqokile,” kusho uNkk Sithole.
USihlalo we-Community Policing Forum (CPF) uMnuz Anthony Gumede unxuse amalungu omphakathi ukuthi asukume abhekane nezigelekeqe ezihlukumeza abantu besifazane.
Uthe: “Kuyasethusa kakhulu ukubulawa komuntu wesifazane ngesihluku esingaka. Umphakathi wakulendawo kufanele usukume ubhekane nezigilamkhuba ezihlukumeza abantu besifazane. Sizimisele ukuphuma ngobuningi bethu nangosuku lwecala siye enkantolo ngobuningi bethu.”
Ilungu lomphakathi elingathandanga ukudalulwa igama lalo litshele leliphephandaba ukuthi amalungu omphakathi ahlela umbhikisho ozosuka eHambanathi uye esiteshini samaphoyisa oThongathi ngoMgqibelo, mhlaka-27 August.
“Abantu bathukuthele bathelwa ngamanzi ngemuva kokudedelwa komsolwa. Umbhikisho uhlose ngawo ukuthola izimpendulo emaphoyiseni asoThongathi ukuze achaze kabanzi ukuthi kungani ededele umsolwa esikholwa wukuthi uyathinteka ekubulaweni kuka Zandile.”
Okhulumela amaphoyisa asoThongathi uWarrant Officer Manisha Maharaj-Marie, ukuqinisekisile ukuthi umsolwa udedeliwe.
“Sisalinde imiphumela yobufakazi ukuze amaphoyisa ezoqhubeka nophenyo. Umsolwa udedelwe ngenxa yokungabibikho kobufakazi obenele kulelicala.”
Ngesikhathi leliphephandabalibuza uWarrant Officer Maharaj-Marie ngombhikisho ohlelwe amalungu omphakathi akathandanga ukuphumela obala.